UPHINDE WABOSHWA UMSOLWA WASE-MOZAMBIQUE OZINGELA OBHEJANE NGOKUNGEMTHETHO

EZOMPHAKATHI

5/9/20231 min read

Omunye wabasolwa abafunwa kakhulu ngamacala ahlobene nokubulawa kobhejane eMpumalanga, u-Odis Maluleke, (47) ongowaseMozambique uphinde waboshwa Kabokweni ngoMgqibelo mhlaka 06 Meyi 2023 ngemuva kokuba amaphoyisa ethole imininingwane ngomsolwa.

Sibonga kubobonke abenze ukuthi kubanjwe umsolwa kanye namalungu e-SAPS ophiko lokwebiwa kwemfuyo kwa-Skukuza abesizwa ngamalungu e-Tactical Response Team (TRT).

Umsolwa kuthiwa ubebalekela ukuyobhekana namacala abhekene nawo ezinkantolo lapho kusolakala ukuthi ubandakanyeka ekuzingeleni. Ngokombiko uMaluleke waboshwa kanye nabanye ozakwabo abathathu ngomhlaka 20 kuJulayi 2015.

Iminyaka yabanye abasolwa abathathu besilisa baseNingizimu Afrika yayineminyaka engu-30, 35 no-49 ngaleso sikhathi. Kuthiwa ngesikhathi bevalelwa ekhoneni bobane bebezama ukungena ePaki ngesango i(Skukuza Kruger) kanti imoto yabo izoseshwa. Ngesikhathi kuseshwa, onogada bathola isibhamu sokuzingela, izinhlamvu ezingu-12 kanye nembazo ngaphakathi emotweni yabo.

Amaphoyisa asesiteshini iSkukuza abikelwe ngokushesha ngalesi sigameko kanti abesilisa nabesifazane bafike endaweni yesigameko lapho kuboshelwe khona abane base bebekwa amacala. UMaluleke uthole ibheyili ka-R20 000 kodwa wahluleka ukubuyela enkantolo ngesikhathi ozakwabo beze enkantolo kwase kukhishwa incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.

Ngonyaka ka-2019 amaPhoyisa kanye nezikhulu zeSANParks bathola ulwazi mayelana nokuzingela ngokungemthetho. Kwalandelelwa kwathi ngomhlaka 15 February 2019 kwaboshwa abasolwa abane, phakathi kwabo kukhona uMaluleke.

Abanye besilisa abathathu baseNingizimu Afrika ababoshwe noMaluleke babeneminyaka engu-31, 39 no-50 ngaleso sikhathi. Laba abathathu akubona ababoshwa noMaluleke ngo-2015. Ngesikhathi beboshwa abasolwa batholakale nezimpondo zobhejane ezimbili, isibhamu sokuzingela, izinhlamvu ezinhlanu kanye nommese. Bobane abasolwa baboshwe bathweswa amacala ngokufanele.

Ngesikhathi begcina ukuya enkantolo, abanye abasolwa abathathu baseNingizimu Afrika banikezwe ibheyili ka-R3000 umuntu emunye. Ngakolunye uhlangothi uMaluleke wanqatshelwa ibheyili okwesibili kodwa imali yebheyili yakhe yayingu R30 000.

Umsolwa bekulindeleke ukuthi avele enkantolo kodwa waphinde weqa. Kwakhishwa enye incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe kanti amaphoyisa abemjaha kodwa ngenhlanhla ngalowo mgqibelo waphinde wabanjwa. UMaluleke uvele izolo ngomsombuluko mhlaka 8 Meyi 2023 eNkantolo yesiFunda yaseMhala lapho icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-18 Meyi 2023 ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo kanti umsolwa usagqunywe esitokisini kuze kube uvela eNkantolo yesiFunda yaseSkukuza.

Khonamanjalo amacala abhekene nabanye abasolwa ababoshwa noMaluleke asaqhubeka enkantolo ngaphandleB