USHELE EMZINI WAKHE OWESIFAZANE WASE-BARBERTON EMUVA KOKUQUBUKA KOMLILO.

EZOMPHAKATHI

8/23/20231 min read

Umlilo oqubuke emzini ose-Barberton kumgwaqo i Sheba udlule nomphefumulo wowesifazane.

Owesifazane ushonele embhedeni wakhe eBarberton ngoMhlaka 22 Agasti, ekuseni. Ngemuva kokuqubuka komlilo endlini yakhe.

Owesifazane owaziwa uLowvelder, ubehlala kumngwaqo uSheba ubezilele embhedeni wakhe kusho uSakkie Dednam wakwa Hi-Tech eBarberton. Wayenomsizi owayemgadile emini.

Abantu abaningi bakunaka lokhu. UDednam uthi umlilo uqale ngabo -06:30 bathole inhlabamkhosi endlini, ebabikela ngayo. Inqubo yokucisha umlilo iholele ekutheni umgwayo uSheba uvalwe isikhathi esingaphezu kwehora.

"Sibone kuphuma intuthu ophahleni . Sasazi ukuthi ikamela lakhe loku lala labe likhuphi , kwakudingeka ukuthi sizame ukufika kuye , ngakho kwadingeka sivule umnyango owabe uwamapulangwe okwakunzima kakhulu.

"Iminyango ithe isivuleka, umlilo wase umkhulu kakhulu"

Omunye wabebefika endaweni yesigameko uzame ungena emlilweni eqe intuthu kanye nomlilo ukuze afike kulona wesifazane kodwa kwanhlanga zimuka nomoya .

U-Jan Oberholzer, ohlanganisa ithimba edolobheni elizosiza ngemlilo nezinye izimo eziphuthumayo ubekhona namalunga eqembu lakhe indawo yaseBarberton, okwamanje ayinayo indawo yokucima umlilo. Abaphenduleli baphinde babiza nabezimayini zase Barberton, ukuthi bezolekelela nethimba labo bafika.

Njengoba abalingiswa abahlukene bengezwa kule ngxube, baqhubeka nenqubo yokucisha umlilo ngendlela ehlelekile, kodwa babazi ukuthi owesifazane usedlulile emhlabeni ngalesi sikhathi. Isidumbu sakhe sitholwe eduze kombhede wakhe.

"Konke okwakukhona endlini yakhe kwacekelwa phansi, akukho okwasala indawo yabhujiswa ngokuphelele. Uphahla belubhodlokile kushe yonke into ebikhona" kusho uDednam