UTHI UNUKELWA YIPHUNGA LE MPUMELELO YE ANC U-RAMAPHOSA NGOKHETHO LWANGO-2024
EZOMPHAKATHI


UMengameli Cyril Ramaphosa ngeSonto uxwayise amaqembu aphikisayo ngokuthi i-ANC, eminyakeni edlule, ilahlekelwe ukwesekwa, izoba yiqembu elizonqoba ukhetho lukazwelonke lwangonyaka ozayo.
Ekhuluma nabalandeli be-ANC ngesikhathi kukhunjulwa amaqhawe omzabalazo azinze eMgungundlovu Moses Mabhida kanye noJohnny Makhathini elokishini laseMbali, uRamaphosa uthe uqhekeko lwamaqembu, olube nomthelela ekulahlekelweni kokwesekwa, selungasekho.
“Umsebenzi osuwenziwe ngiwubonile izolo KwaDukuza, ngabona ukuthi ubuholi buyasikhuthaza … ubulungu bethu, amavolontiya ethu kanye nabantu bakithi. Ngalokho ngizwa iphunga lokunqoba kwe-ANC,” kusho umengameli.
“Ngifuna ukunikhuthaza ukuthi niqhubeke nokuhlanganisa le nhlangano ekhazimulayo, futhi uqhekeko ebesinalo esikhathini esidlule, sizolubeka eceleni futhi sihlanganise le nqola ebalulekile yenkululeko yabantu bakithi.”
URamaphosa ubeke izimbali emathuneni aseMabhida naseMakhathini, abangcwatshwe eMbali Heroes Acre lapho bekunomcimbi wangeSonto.
Utshele amalungu e-ANC ukuthi athole ugqozi ezikhundleni zobuholi ezikhonjiswe yizo zombili lezi zingwazi. “Kuningi abakwenzile ukuqinisekisa ukuthi siyayithola inkululeko yethu. Ukuba seHeroes Acre kusikhuthaza kakhulu.”
Amalungu e-ANC KwaZulu-Natal aphikisana noRamaphosa. Engqungqutheleni kazwelonke ye-ANC ka-2017, iningi lamalungu eqembu esifundazweni leseka uNkosazana Dlamini Zuma esikhundleni sokuba ngumengameli we-ANC.
Manje usengungqongqoshe wabesifazane, izingane kanye nabantu abakhubazekile ehhovisi likamengameli, okuyisikhundla esithathwa kabanzi njengokwehliswa esikhundleni sokuba ngungqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, esigungwini sokushintsha ikhabhinethi ngeledlule.
Ngonyaka odlule ngesikhathi uRamaphosa ephonselwa inselelo ngowayengungqongqoshe wezempilo uZweli Mkhize, amalungu eqembu KwaZulu-Natal alandela uMkhize.
Kodwa isimo sengqondo kumalungu e-ANC eMgungundlovu besihlukile ngesikhathi uRamaphosa evakashele ngeSonto.
Baqhweba becula bedumisa uRamaphosa ngesikhathi uhide lukamengameli luhamba emigwaqweni yaseMbali.
EDambuza eseduze nalapho uRamaphosa ekhulume khona nenqwaba yamalungu e-ANC, amaphoyisa kudingeke ukuthi avale indlela engenela ehholo njengoba izinkumbi zabantu ziqhubeka nokutheleka endaweni.
UMnuz Thulani Ndlovu, oyilungu le-ANC ku-ward 21 eMsunduzi, eDambuza, uthe uphoxekile ngokuthi ubengezwa uRamaphosa ekhuluma.
“Ngithe ngifika amaphoyisa angixosha. Athi ihholo seligcwele phama. Njengamanye amaqabane amaningi abeze ukuzolalela uRamaphosa, ngigcine ngikanise ngaphandle kwendawo. Okungiduduzayo wukuthi okungenani usiqhwebe ngesandla njengoba imoto yakhe iphuma.”
URamaphosa utshele abalandeli bakhe ukuthi i-ANC iseyiyona nhlangano abangayethemba, wathi izinkinga eziningi ezibhekene nabahlali zizophela. “Siyazi ngokuntuleka kwentuthuko; siyazazi izinkinga zikagesi. I-ANC iyabhekana nazo zonke lezi zinkinga.”
Ephehlwe ngabaholi be-ANC KwaZulu-Natal okukhona kubo uSihlalo wesifundazwe, uMnuz Siboniso Duma, noNobhala wesifundazwe uMnuz Bheki Mtolo, uRamaphosa uqale ukuvakasha kulesi sifundazwe ngoMgqibelo oGwini olusenyakatho.
URamaphosa uchaze ukwamukelwa akuthola KwaZulu-Natal “njengemfudumalo nenhle kakhulu”.
“Ukuba khona kwethu lapha kumayelana nokubhekana nezinselelo ezibhekene nabantu bakithi njengezinkinga zamanzi nokuntuleka kwemisebenzi. Lesi yisiqalo somkhankaso wethu wokhetho. Kusho ukuthi amasondo omkhankaso wethu wokhetho ayaqhubeka.”