UZOVULA IZINDLU EZINTSHA ZOKUSAKAZA USEKELA NGQONGQOSHE

3/1/20231 min read

NGOLWESIHLANU mhlaka-3 kuNdasa, i-Media Development & Diversity Agency (MDDA), eholwa yiPhini likaNgqongqoshe eHhovisi likaMongameli, uNkz Thembi Siweya, (MP), uzokwethula izndlu ezintsha zokusakaza kumsakazo iLigwa Community Radio Station 101.3 FM. Lo mcimbi uzophinde uphawule umgubho wezinhlelo ezimbili ezixhaswe yi-MDDA zokuphrinta nokubhala ngedijithali iKhanyisa News, kanye Zikode Bulletin.

Yonke le miklamo yemithombo yezokuxhumana izinze e-Ermelo, e-Gert Sibande, Umasipala Wesifunda kanye noMsukaligwa Municipality, esifundazweni saseMpumalanga. Isiteshi somsakazo iLigwa Community Radio sasungulwa ngo-2014 futhi sabhaliswa njenge-Non-Profit Organisation ngo-2016. Yasungulwa nguMnuz Makhosini Ndaba ongasekho emhlabeni esebenzisana nawo amalungu omphakathi ekukhetheni ibhodi labaqondisi.

ILigwa FM 101.3 yaqanjwa igama layo ngokwendawo ezungeze izindawo ezingenhla zoMfula iVaal, okukhulunywa ngawo ngolimi lwendawo izilimi ezaqanjwa ngalo; iLigwa (Sindebele),Ikwa noma Igwa (isiZulu),Ilikwa (siSwati), Lekwa (iSesotho) noma i-Cuoa ngesiKhoisan, konke kubhekise ethafeni eliwela umfula. Ngaphezu kwalokho, iPhini likaNgqongqoshe kwiHhovisi likaMongameli lizophinde ligubhe imiklamo emibili exhaswe yi-MDDA print and digital projects, Khanyisa News and Zikode Bulletin. Khanyisa News yethulwa ngoSepthemba 2007. Iyiphephandaba lezilimi ezimbili 50% isiNgisi & 50% isiZulu/isiSwati, okwamanje iphrojekthi isabalalisa amakhophi ayi-10 000 ngesonto, kanti Zikode Bulletin eshicilela ku-inthanethi eyabhaliswa ngo-2020.

Yona isebenzela kumaHhovisi omunye umsakazo owahlumula kuxhaso lwe-MDDA: VOC FM (Voice of The Community FM). Lokhu kwethulwa kwalezindlu ezintsha zokusakaza zomsakazo iLigwa FM 101.3, kuzokwenza ukuthi lomsakazo ukhuphule izinga lawo lokusakaza kuphinde kufake ugqozu kulabo abasebenzisana nawo nokuwukhuphulela ezingeni eliphezulu. Kungokokuqala ukuthi abakwa MDDA bethule imiklamo emibili engafani ngosuku olulodwa.

Umcimbi uhlelwe ngalendlela:

Usuku: uLwesihlanu 03 March 2023

Isikhathi: 09h00-13h00

Indawo: Gert Sibande District Municipality, Corner Joubert & Oosthuisen Street, Ermelo.