ZIBALEKA NGAPHANDLE KWESIBHAMU SAZO IZIGILAMKHUBA NGENKATHI ZIZAMA UKUGEBENGA OWESIFAZANE

EZOMPHAKATHI

5/19/20231 min read

Izigebengu ezintathu zishiye isibhamu ngesikhathi zibaleka ngemuva kokwehluleka ukugebenga eTimbavati Trust e-Acornhoek.

Colonel Donald Mdhluli, okhulumela amaphoyisa eMpumalanga, uthe isigameko senzeke ngoLwesibili ngezithuba zabo-10 ebusuku.

"Ngokolwazi, abasolwa abathathu bafike kowesifazane othile emzini wakhe, omunye wabasolwa wavele wamkhomba ngesibhamu," kusho uMdhluli.

"Kuthiwa lona wesifazane ukwazile ukuthi ngandlela thize ukuphuca umsolwa isibhamu wasilahla ngesikhathi abanye ababili bephuthuma ukuyosiza uzakwabo.

Abasolwa kuthiwa babe sebezithela ezithendeni ngesikhathi bebona ukuthi abasahlomile, babaleka ngemoto emhlophe." kusho uMdhluli

Okunye ukuhlola ivolovolo elishiywe endaweni yesigameko kuvele ukuthi isibhamu besingenazo izinombolo.

Amaphoyisa ase-Acornhoek abikelwe ngalesi sigameko kanti kuthe uma sekuhlolwa isibhamu, amalungu abona ukuthi izinombolo zaso bezifakiwe.

Amaphoyisa aphenya icala lokuzama ukugebenga kuhlonyiwe kanti uphenyo lusaqhubeka, kusho uMdhluli.