ZIBALEKE NEZIKHWAMA ZE-CHROME IZIGILAMKHUBA NGEMUVA KOKUPHANGA ISITIMELA EMPUMALANGA.
EZOMPHAKATHI


Kuphangwe isitimela esithwala impahla ngesikhathi sihamba kujantshi wesitimela iDullstroom neBelfast.
Amaphoyisa athi alunywe indlebe ngequlu labantu abebematasatasa bezitapela isitimela ebesihamba kujantshi wesitimela iDullstroom noBelfast.
Kuyacaca ukuthi ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, abaphangi babaleke nezikhwama ezifakwe i-chrome.
Bangaphezu kuka-80 abantu abagebenga isitimela ebesithwele i-chrome phakathi kukaloliwe iDullstroom neBelfast ngomhlaka-10 Meyi 2023, kusho amaphoyisa.
“Abaphangi kuthiwa banyamalele ehlathini, amalungu athola ezinye izikhwama zigcwele i-chrome kanti lezi zimpahla zisakazeke phansi. Kumanje isitimela sipake endaweni ephephile,” kusho uSelvy Mohala wamaphoyisa.
Alikho icala elivuliwe kuze kube manje.