ZIGCINE ZIFIKILE IZITHANDA EZIMBILI EZABALEKA KULELI LASE-NINGIZIMU AFRICA

EZOMPHAKATHI

4/13/20231 min read

Umdlwenguli owalahlwa yicala lokudlwengula, uThabo Bester noDkt Nandipha Magudumanabagcine babuyile eNingizimu Afrika.

laba abayizithandani bebafakwe ohlwini lwabafunwa kakhulu.

Kubikwa ukuthi indiza ebithwele laba ababili isuka e-Arusha eTazania ilibangise esikhumulweni sezindiza eNingizimu Afrika eLanseria Airport ekuseni ngoLwesine.

Laba baboshwe Tanzania, eqhele ngamakhilomitha ayi-10 ukusuka emngceleni waseKenya benamapasi bephethe omazisi abaningi.

Ithimba laseNingizimu Afrika elihlanganisa uMnyango wezoBulungiswa kanye nezikhulu zamaphoyisa lifulathele leli zwe ngeSonto ukuyolanda laba abebalekile eNingizimu Afrika.

Ngemuva kokufika eNingizimu Afrika, uBester noDkt Nandipha bangeniswa kwi-Nyala beqashwe maphoyisa amaningi okuhlanganisa nethimba leSAPS elibizwa ngokuthi SPECIAL TASK FORCE (STF) kanti kubikwa ukuthi bayiswa ejele laseKgosi Mampuru